Yini isilwane, siyini isilwane? Isilwane ngumoya omubi owenza ukuncola. Isilwane yinto ethunyelwa kumuntu ukuze yenze izinto ezingasile, ukuthunyelwa kwesilwane kubuye kubizwe ngoku ukubelethiswa isilwane noma ukutetiswa isilwane. Uma umuntu ethunyelwe ngesilwane saphumelela ukumbulala kuyaye kuthiwe ushaywe isilwane, isilwane esijwayelekile esishaya abantu yinyoni, kulapho umuntu ethunyelwe khona ngenyoni. Ziningi ke izinhlobo zezilwane nemisebenzi yazo yahlukene ezithunyulwa ngabathakathi okubalwa khona :
Sizofunda lapha ukuthi sikhishwa kanjani isilwane sibheke futhi nange isiwasho or imithi yokukhipha isilwane . Nasi isiwasho esiqeda isilwane esilala nawe ebusuku. Enza nansi intelezi yesilwane: Thola isibuko, amanzi olwandle, umanyazini. Faka endishini bese ubeka ngaphansi kombhede isibuko sibheke phezulu. Sizobaleka isilwane, angeke sisabuya.
Ukubelethiswa isilwane yinto embi ngoba lokhu kwenza izinto zakho zingalungi, uyaphazamiseka impilo yakho ,
ungakwazi ukuhlala othandweni, ube nabantu abakuzondayo, isilwane siyichitho ngokwaso awuthandi uma unaso.
Esinye isilwane kowesifazane silala naye, loluhlobo lwesilwane esilala nomuntu wesifazane, simenza abemanzi kakhulu bese eba nesichitho kwibabazi
azithuke uxabana njalo nendoda kungonakele lutho.
Esinye isilwane siyakukinya ebusuku ulele, uphefumule kanzima, ngesinye isikhathi sikucindezele, ube nokucindezeleka ebusuku ulelele,
uthi uyazama ukuvuka umemezi kungamemezeki. Loluhlobo lwesilwane uyakwazi ukuluxosha ngokugeza ngo salt ngaphambi kokuthi ulale.
Ngaphandle kweziwasho ikhona imithi yokulahla isilwane namakhandlela futhi ayasetshenziswa ukulahla isilwane.
Bheka kule website yethu mayelana neminye imithi yokususa isilwane.
Uma unesilwane esinyeni noma esiswini izingane zakho ziyaphuphuma, uphunyelwa isisu.
Isilwane esilala nawe kulula ukusixosha, Lahla isilwane kowesifazane or kowesilisa , sizokufundisa idlela elilula yo ukugeza isilwane, ko wesilisa nako wesifazane. Nangu umuthi wokuxosha isilwane: phindemuva, mpinda , mpila kanye no mzilanyoni Uyahlanganisa imithi lena uqgume ngayo, geza ngayo, phalaza ngayo, chatha ukuze kuphume isilwane. Umuthi wokuxosha isilwane olula futhi osebenzayo lona ungalichithi igazi lesilwane uma uzama ukukhipha isilwane kuwena, isilwane vele siphila ngegazi.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |